    R.	R. R. DHLOMO

INKONDLO

IZIBONGO ZIKADINGANE

Makesimbonge kuqala okasenzangakhona, noma silobe lapha kulencwadi yethu ngezenzo zakhe eziningi ezingasihlabi umxhwele thina banamuhla.  Kakusikhona okwethu ukuba sikhothame, sicoshe amatshe simshaye ngawo owenkosi, ngoba Iezi yizikhatffi ezinye; Iezo kwakungezinye.
Nakho-ke "bandlephakathi":








lzibongo ZikaDingane


UVezi unonyanda umgabadeli!
Owagabadela inkundla yakwabulawayo.
Odonswe ngezintaba ezingamakhelekethe.

(iv)

INKONDLO

UVezi wakwasirnanganyawo;
UMbomboshi omnyama.
UVemvane lukaphunga nomageba;
UVemvane olumabala azimbadu,
Ngabe ngiyaluthinta lwahwaqabala,
LunjengolukaPhunga, wasebulawini,
LunjengoVuma kubangoma
Obuza amanzi embozamo andukuwela,
Amanzi embozaino osala ebabaza
Owela imbozamo, umntakajama,
Wawela imbozamo, kwasha iziziba,
Ebigezwa udukuza nenkisimana,
Beyigeza, bebheke kithi kwazu

Nanamhlanje abanini bembozaino basamangele,
Kumangele umanqondo, wakwaSWyabanye,
Kwainangala uphampatha wakwankisiinana.
Isiziba esisemavivane, Dingane,
Isiziba esinzonzo, sizonzobele,
Siniinzisa umuntu, ethi uyageza,
Waze washona nangesicoco,
Ngoba ucoco ngimbonile,
Obephuma lapha kwasodlabela;
UNgama yena, wasemaphiseni, angavuma.
Uqambi lankomo, uba zilahlekile,
Ziyakufa umdlebe kwasoshangana.
Inkone ethi isankona kwaphuka isihlalo.
UGwembeshe ongamanzi okuhlalela.
UNomashikizele-
UMashiya impi yakhe.
UMzizinya, ungamathunzi ezintaba;
UFipha luyindlovu enamanxeba;
ULuhlaza lwanginyongo yenyamazane:
LTMhloph'owakhanya, ukusa kwadabuka,

(v)

INKONDLO

Wangangabazingeb bakwamavela,
Ebebezingela izimbongolwane.
USela Entongande, lawobaleka;
Lithabathe umshiza lawetshatha.
Indlovu le kulala, kungqwambayiya,
Ezinye ziyalala, ziyathokoza.
Umvusi omnyarna, wawosikhakha,
Ovusela abantu ukufflatshwa.
Inkomo ekhala osizini kwaNIdapho
Umlomo yawubhekisa kwazulu;
Izizwe zonke ziyizwile ukuhla,
Yezwakala kunhlapho, kwamlambo, lye yazwiwa ngamantungwa akwasokhumalo ArnaNtungwa odwa esaba ukumehlela. lzicuvezi kazimhlabanga eya phainbili,
Zalibala ukumbuka izinyawo,
Zathi: "Siyakumfflaba esegoduka;"
Kuthe esegoduka, zasezilibele
Ukubamba izingxangxa emfuleni.
Bantu, ninemihlobo ngasensingweni;
Gijiinani niyotshela abakwamashobana,
Nifike nithi: "Lukhulu, luyeza; luyanyelela Silufartisa nondaba, wakokabayeni.
Silufanisa nophunga nomageba."
AbakwaMashobana belelesile,
Bazibukula itshe linemamba,
Sebejiyelwe nokuhsibekela
Ohlangane nodwendwe lwamagqikazi;
Wadla untanase nonozinyanga kwamashobana,
Wathi kabayobona inkundla yakithi emgungundlovu
Wadla unsizwazana unina kamzilikazi, kwamashobana,
Waze waflka ngaphakathi kithi emgungundlovu
Wadla umahabulangwebu-isashisa, kwamashobana;

(vi)

INKONDLO

Wadla uNsiinbazi-emsila-lugaju, kwamashobana; Wadla ukhwababa-esembatha-impaka kwamashobana; Wadla umlomo-udlelemeveni-njengembuzi kwamashobana, Wadla uMhlana-ebeletha-igudu, kwamashobana; Wadla umlomo-wezinqaba, kwamashobana; Wadla ugundane-kumitha, kwamashobana;
Wadla inkomo-ikulaia-kulukhuni khona kwamashobana. lbanga lamanzi lawondikidi,
Lisibekela izinkomo zainaswazi, zanyamalala;
Nezimpondonde zanyamawa.
NoNgwane kazikode wanyarnalala;
Ofingqe arnehlo ethunzini lentaba,
Wangabazingeli bakonogenya,'
Ebebezingela izimbongolwana.
Obhambathe ingome ngaphezulu,
Zaphwna izinkomo zikabheje, zan-dandela-
Ziphuma zonkana zhnnqini.
UMasbiwulana ongazembe loinlungu;
Ubengababele ukuya kwamashobane,
Ubeyocela inkwelo eMI-dahlandlela,
Ethi kumbe bangamtshwekela.
Isihlangu sikamzilikazi
Sasald entabeni ende yempama,
Sesiswele nendoda esithathayo.
UMancwaba wezwe lamaphethelo.
Lona lincwaba ngen-dkhemezelo.
Upheqe, ongakumana kwamagqikazi.
UMsuti@u owadla izinyosi zemukela.
Abanye bezidla, ziyazalelg.
UVezi owadla ezivezayo;
Owadla ezikumandeku,
NezikaGuluzana wakwamanaba;
Wadla ezawomgqeneni kwanonkokela,

(Vii)

INKONDLO

NezawoPhondweni emanziineleni.
UVezi bathi umoya omnandi ngonuka inyama.  UBhungebhu onguboya bengonyaina.
UVezi uyadlala umhlandla uvele, Ngokuswela iqoqo ehmsithayo. lzibuko likandaba,
Elimadwala abushelezi;
Lashelela opiti nendodana-
Odle uphuzukuhlokoza kumabhunu, Wadla uhwahwini,
Wadla ujani omude;
Wadla ujanejembuluki;
Wadla umazinyansasa;
Wadl a osisini, kuMaBhunu;
Wadla imhlophe in-iibfii,
Omunye kungupiti omunye kungunoziwawa.
UMkhwamude wangisika isilevu,
Usungulo lwangithunga impumulo.
INdina ebabayo enjengesibhaha,
Sona sibaba kumahatshanga.
UVezi ngirnfice bemzila,
Ngaflka ngamudla;
Kanti ngizifaka iloyi esiswini.
Vezi kofa abantu, kosala izibongo, Yizona zosala zibadabula;
Yizona zosala zibalilela emanxiweni.








(viii)

INDIKIMBA I
UDINGANE
Kuthe lapho esebusa umfo kasenzangakhona udingane emva kokubulala kwabo ushaka, kwafika izwi kuye livela kumkabayi, udadewabo kasenzangakhona, lithi ufuna ukuba kebabonane bobabili.  Nempela yafika inkathi leyo yokuba babonane.
UMkabayi Iona kwakuyinkosikazi emangalisayo ngezindlela eziningi.  Yabe inenhhziyo elukhuni njengetshe; ingesabi lutho; amehlo ayo lawa ekhanya inhlansi, elokoza umlilo-lapho esethukuthele ayeba bomvu sengathi agewele igazi.
Yathi ukuba ingene esigodlweni sikadingane, yangena maqede washaywa uvalo udingane, kwazise ukuthi yabe inesithunzi esesabekayo kakhulu.
"Ungethuki, Dingane," izwi lakhe umkabayi Ialipholile, lihlaba emongweni.  "Ungethuki, ndodana.  Ngizokhuluma nawe ngefu engflibonayo."
"Usho umbopha kasithayi?  " kubuza udingane, ethuka naye amehlo akhe evutha umlilo.
"Qha; ngiyambona umfokazana lowo," kuphendula umkabayi.  "Ngisho umfowenu Iona umhlangana.  Uyabona nje ukuthi iqembu labalandeli bakhe liyanda nsuku zonke?  Ngizwa kuthiwa nondlela nonzobo izinduna zakho ezinkulu zigebela ngakuye.  Uthini Dingane, ngalokho?  Izolo kuthiwa kade elola un-ikhonto."
Asukume eme ngezinyawo lapho udingane, esethukuthele esebila, isifuba sakhe sesigubhazela nje.  Wabuza wathi.
"Uthini?  Uthi umhlangana angasayenze into enjalo afune ukungibulala?

	UDINGANE KASENZANGAKHONA

"Ukhuluniisa okwesiwula, Dingane.  Yini ezovirnbela umhla-

ngana ukuba angakubulali akwephuce ubukhosi lobu nawe obephuce owezulu? uhiezi ubhazalele nesifazana sakho ubu-

khosi bakho buzulelwa arnanqc, siwula ndini@
"Awu, wena kaBaba,@, kububula udingane, ezesula ngesandia ibunzi lakhe erase lijulukde lirnanzi.  "Ngisesandleni sakho, Zulu, ngingenzani ngingedwa9 Ngisize phela nakhu igazi lornfowethu ongasekho selifunwa kin-d.  Wo! - Jarna, nanso

irnihlola!

Ambuke ngarnehio omabili umkabayi, kodwa kazaphendula ngaleyonkathi.  Wathula eside isikhathi, ainehlo akhe ethe mbe kudingane.  Lapho udingane sekuthi rnakaquleke uvalo, nolaka, kanye nokuzisola.  Phela labeselikhala igazi likashaka, selibizwa

kuye.
Uthe esuka lapho umkabayi wayembiza ngegama.

"Dingane!
@Izulu.'@
"Unaso isibindi?  Unaso isibindi sokuvikela umbuso wakho nangayiphi indlela?  Wathula, Dingane, ubukhosi bakho buzule-

lwa arnanqe."
"Y@,angithule, Zulu," kububula udingane.  "Ngicela elakho isu, wena owabona ilanga ngingakacatshangwa, wena owavula

lapho kuvalwe khona."
"Lalela-ke, Dingane.  Indaba kambopha kasithayi sengiyilungisile.  Uya kwagoqanyawo ngabo lobubusuku!  Habe!  Uyethuka! lgazi lakho ngamanzi yini9 Usazobona okukhulu, uzwe okukhulu ungakarniandeli nawe ushaka. 1 5

"Hawu, mazwi rnani lawo owakhulurnayo, Zulu?  Wangishayisa uvalo?
"Ngiyak@iqinisa, ngoba usazobhekana nokukhulu okwedlula lokhu.  Sengishilo ngathi okasithayi uyafa namuhla.  Ngithumele kuzidurno ngathi kakhulume naye.  Ngizokutshena ukuthi UMI-dangana sengimbonele elakhe icebo kodwa kusweleke

UDINGANE                          3

siqaphe ngoba unabalandeli abaningi okungaswelekile babone ukuthi siqondeni.  Lalela-ke. . ."
Ithe lapho isiliveza obala ezindlebeni zikadingane lelocebo lokugudluza umi-dangana nombopha endleleni, udingane wezwa eshaywa uvalo olukhulu.  Phela wayesazoveza ububi bakhe bonke udingane; ngalenkathi wayengakaqini kangako.
"Ngizwile, Zulu.  Mana njalo wena kandaba," kubonga udingane.

INDIKIMBA 11

UKUFA KUKAMBOPHA

Uthe engena esigodlweni sakhe umkabayi, evela kwesikaDingane, kwakukhuleka inceku.

:,Yini, Phakade?
'Zulu eliduma libalele," kukhuleka uphakade, "nangu uzidumo phandle, uthi uze ngezwi kuwe wena ongabhekwa ngamehlo."
"Mtshene angen e.

Angene maqede uzidumo asho izibongo zakhe umkabayi; uthe lapho eziqeda wayesezilahla phansi.
"Khuluma ngokuzeleyo, Zidumo.  Ufingqe ainazwi akho, ilanga selisithele."
"Yenziwe intando yowezulu," kusho uzidumo, efmgqa ainazwi akhe phela.
"Yilande yonke indaba, Zidumo, ngizwe kahle."
"Ngiyjle kuye okasithayi, umbopha, ngainfica esendlini yakhe yedwa. nentandokazi yakhe unozililo.  Uthe lapho engibuza into engiyizeleyo, ngainbheka kwabakuphela, wayibona ukutffi iyini.
"Uthe esuka lapho wayesencenga intandokazi yakhe ukuba iphume sisale sobabili.  Yenqaba yanamathela ezingalweni zakhe, imbamba.  Phinde!  Yenqaba ukuphuma.  Nayo ibisibonile ukuthi ngize ngezwi elingabuyeli emuva Wainbatha.
"Yathi, 'Ngizokufa nawe, Mbopha,' imemeza, ikhala ezimaconsi, ingafuni neze ukwahlukana naye.  Yathi 'Uma ekugwaza makagwaze nami'."
"Wenzenjani, Zidumo?  " kubuza umkabayi ngeliphofile, kumnandi kuye lokho kukhala kukanozililo.

UKUFA KUKAMBOPHA                          5

"Ngathi kumbopha, izwi lowezulu lingebuyele emuva lilambatha, uma engahlukani nentandokazi yakhe izwi lingase Ebuyele emuva lilambatha, bese liyaphinda ngomuso selibuya Uvutha umlilo.  Uthe ukuba akuzwe lokho wayesememeza inceku yakhe, eyaflka yayidonsa ngenkani intandokazi yakhe ezingalweni zakhe.  Uthe lapho ephenduka engibheka ngase ngirngwazile.  Ngamhlaba ngamjuqa-wafela khona lapho, ememeza izibongo zakhe ongasekho."

Athule uzidumo.  NoMkabayi athule.  Umoya wawusuvunguza kancane ngalenkathi, sekuqala ukuphola, kwazise kwabe kushisa kabi ernini.  Izinkuku zase zilele, nezinja zase ziqale ukude zikhonkotha nxa zizwa ezakwerninye iniizi ekudeni, zikhonkotha.
UMkabayi wayesekhuluma: "Hamba, Zidumo, wenze kahle.  Biza undonga nosiphepho beze lapha, nawe futhi uze nabo."
"Zulu!  " Kukhuleka uzidumo.

Uthe lapho ephuma uzidumo wambiza futhi umkabayi, wathi:

"Zidumo, uthi umbopha utheni lapho efa?
"Wamemeza izibongo zongasekho."
"UShaka?
"Uqobo lwakhe owesfio, Zulu."
"Kuyangimangalisa lokho," kusho umkabayi, ekhulumela phansi.  "Kusobala ukuthi uma bengingathumelanga izwi lokuba abulawe ubezophetha enze izidumo; ngoba kanti inhliziyo yakhe ibisabambelele kokasenzangakhona!
"Hamba, Zidumo, wenze intando yarrii.  Uqaphe ulin-d lwakho."
"Ndabezitha!
Aphume ekhokhoba uzidumo, inhliziyo yakhe iduduzela, ekhohliwe ukuthi yini ezobakhona ezweni. lzolo lokhu okasenzangakhona ugwaziwe wafela esibayeni okwenja, ebulawa yibo abenkosi besizwa yiyo indlovukazi, umkabayi.

6	UDINGANE KASENZANGAKHONA

Namhlanje nakhu sekubulawa umbopha kasithayi, yena owayethenjiswe okukhulu ngokugeza izandla zakhe egazlm' lowenkosi.' NAhu namhlanje sekuthunywa yena uzidumo ukuba ayobulala umbopha lowo.  Okusobala ukuthi yena uzidumo uqobo lwakhe wabegebele eweni clibi lokufa.  Okwamethusa kunakho konke yingoba nakhu esethunywa futhi ukuba ayobiza ondongeni nosiphepho, izinduna ezinklilu zikamkabayi.  Yini kodwa eyabe icatshangwa ngumkabayi?  Uvalo lubenaye qho, ezwe kuxega arnadolo.
Uthe eflka kondongeni nosiphepho babona nabo ukuthi uzidumo uphethwe uvalo olubi.  Babuza:

"Yini, Zidumo?  Kwasengathi ushaywe uvalo.  Wajuluka kubanda kangaka?

"Niyabizwa figumkabayi, madoda," kuphendula uzidumo.
"Uyasibiza?  " besho besukuma bema ngezinyawo.  "Yini, kwenzenjani?  "

"Kangazi naini.  Uthi n ize nginibize khona manje siye kuye

,9


sonke."

Kwaqhamuka undongeni, wathi, "Uvela kuye wena Zidumo.  Sitshele ukuthi ububona ethukuthele yini-noma qha. lzwe leli linii kabi kusukela mhla kugoduka okasenzangakhona."

Waphendula wathi uzidumo, "Amehlo akhe akhanya ffifflansi, ngesaba nokuwabheka.  Kumnyama phambili, madoda.  Kasihambe."

Baphuma-ke baqonda esigodlweni sikamkabayi ngamakhulu amandla.

Bathe lapho bethi bayangena kwaphuma inceku yabatshena @kuthi kabeme phandfe ingcosana, kwazise ukuba udingane wayesakhuluma nomkabayi endlini.

INDIKIMBA 111

ISU LIKAMKABAYI

Babhekana ngeziqu zamehlo bobathathu, baqala ukubona ukut-hi izindaba zimbi ngempela kanti.  Yini kodwa enkulu kangaka eyenza ukuba . udingane abe lapha ngaleyonkathi ezokhuluma nomkabayi na?  Phela wasuzwakele umoya ezweni lonke wokutffi umbopha kasithayi uzulelwa amanqe, nokuthi abantwana benkosi, odingane nomlilangana, babhekana ngeziqu zainehlo.
Ingabe yini ezokwenzeka?
Bathe besazindla yaphuma futhi inceku yababiza yathi angene masinyane.

mab
Bangena maqede bakhuleka.  Kabambonanga udingane; umkabayi wayehlezi yedwa.  Uthe lapho ebabheka ngamehlo avuthayo, bawakhothamisa awabo.  Kabe esagwinya namathe
naye.  Wayeseqhuba indaba enkulu.
"Ndongeni nawe Siphepho nawe futhi Zidumo, nginibizela udaba olukhulu.  Maningi amadoda aqinile lapha ezweni likababa ngaphandle kwenu.  Kodwa ngibize nina ngoba kuthe manginibize.
"lzindlebe zenu zizokuzwa okungafanele kuzwiwe yizindlebe zabantu abafana nani nje.  Kodwa, ithi ingalam)a iphenduke inkentshane.  OkaSenzangakhona uhaqwe yizitha, okusweleke zigudluzwe.  Lezozitha ziningi ziphakathi kwethu, zisizungezile.  Mhlawumbe," lokhu wakusho ebabhekisisa,
ziphambi kwanii ngayo lenkathi."
Base begxumile, bema ngezinyawo bobathathu, besho izibongo.

8           UDINGANE KASENZANGAKHONA

Wena wezulu, kakunjalo! lzinceku zakho zethembekde kokasenzangakhona omile," besho udingane phela.
Aveze amazinyo akhe amahle, amhlophe athe qwa umkabayi, kube sengathi uyahleka, kanti kahleki.
"Ngishilo ngathi inkosi udingane uzungezwe yizitha nblangothi zonke.  Yinina- eningamhlangulela.  Niyazi ukuthi iqembu labalandela umhlangana liyakhula.  Leliqembu kusweleke ukuba linciphe ngendlela engaqondakali, ukuze kungasuki izidumo phakathi nezwe.  Into ezoliqeda life liphele wukuba lishayiswe okwenyoka, ekhanda."
Babhekana.
"Ningethuki.  Ngizohveza isu elihle lokugudluza oyinhloko yeqembu lelo.  Yinina enizoba yizandla zami.  UDingane kade elapha, wathembisa ukuthi uyonibheka ngeso elimhlophe nxashana nimenzele lokhu."
"Ndabezitha!
"Nanti-ke isii lami.  Lalelani."
Balalela ngovalo olukhulu, ngoba phela kakulula, kakusiyo into elula, uktigudluza umuntu ngomkhonto ungaxabene naye.  Kuba enyp into uma nixabene, igazi lenu Eshisa.  Enye into ukusukela umuntu ezihlalele nimbhokode ngemikhonto, ngaphandle kwesici esikhulu esibi asenzileyo.
UMWangana wayengesiye umuntu omubi.  Wayethandana nabantu-yikho phela iqembu lakhe likhule kangako.  Bathe lapho lemicabango igijirna ezinhliziyweni zabo nasezingqondweni zabo, bashaywa uvalo, okuthe lapho bephakarriisa amehlo abo, bebheka umkabayi, bambona ebajamele, ethule ethe du.  Lwaphela uvalo lokwesaba ukuthi yibo abangahle bafe.
Basebekhuleka njalo bekliothama.
"Nizwfle-ke," kusho umkabayi, ebagqolozela njalo,njengekati liqaphe igundane.  "Nizwde ukuthi ngitheni?  Kodwa amehlo enu ayabakaza; kawahlangarii nawanii.  Konje ingabe umhlangana useniphuzise inyongo, zilima na?

ISU LIKAMKABAYI                          9

Bethuka lapho balala phansi luvalo sebebonakala ebusweni ukutlii uvalo lubaphethe.  Bakhuleka bekhothama, bathi, "Nkosikazi, Ndabezitha!  Kakunjalo, wena wezulu.  Yithi izandla zakho. lzwi lakho lingewe phansi.  Amehlo ethu angayibheka kanjani indlovukazi na, ikhanya njengeniisebe yelanga nje?
"Phumani.  Ngizonibiza ngenkathi esizoyflungisa nodingane: niffiale nilungisile."
"Ndabezitha!  "
Bathe bephuma, wasukuma umkabayi, wabiza ineeku yakhe
enkulu.
"Zungu, thumela izwi kumntanan-d uMWangana uthi ngifuna ukukhuluma naye: eze lapha khona manje."
Aphume ngejubane uzungu eqonde emzini kamhlangana: aflke maqede akhuleke, abeke izwi likamkabayi.
"Kwenzenjani Zungu?  "-kubuza umifiangana, "ingabe yini ngibizwa ngalenkathi?  "
Wathi uzungu, "Kangazi, Ndabezitha, nanii ngibone ondongeni nosiphepho nozidumo behamba ngamandla bephuma khona esigodlweni sendlovukazi."

"Utliini, Zungu?  Bekunini ngaleyonkathi?
"Khona manie, Ndaba.  Bathe bephuma wayengibiza okandaba etlii kangizobiza wena."
"Ngiyeza, Zungu."
Aphume uzungu.  Asale umhlangana ebambe ongezansi emangele ukuthi engabe yini abizelwa yona.  Wayesazi mhlophe ukuthi izwe limi kabi nokuthi phakathi kwabo nodingane
kwakukubi.
Wayekwazi futhi ukuthi okunguyena onganqoba kulowombango wabo yflowo oyosizwa ngumkabayi.  Into-ke enkulu ukuthi ngubani lowo kubo bobabili na?  Pho, zona izinduna zikamkabayi zabe ziyofunarli kuye ebusuku nozidumo, okwase kusemlonyeni wezwe ukuthi nguyena owagwaza umbopha na?
Lumshaye kancane uvalo.  Kodwa aziqinise njengendoda,

10          UDINGANE KASENZANGAKHONA

athathe isihlangu sakhe, aqonde kumkabayi.  Afike angene.  Amehlo abo ahlangane isikhathi eside kungekho ukukhulunia.  Abesekhuluma umkabayi amehlo akhe esanamathele kumhlangana.
"Mfflangana, ngiyawazi umbango wenu nodingane.  Lombango usufuna ukwahlukanisa phakathi izwe.  Ngifuna uphele kusasa."
Ethuke lapho uMI-dangana.
"Ungethuki Mhlangana, ngif@na ukumisa lowo ozobusa lelizwe ngenkatha kusasa.  Uthini wena na?
"Uplii umfowethu?
"Uzomenzani umfowenu?
"Ngimbuza ngoba naye kuswelekile ukuba abe lapha, sizwe elakhe izwi ngoba sibanga sobabfli."
"Kanti kawaneliswa elanii izwi, Mfflangana?
"Ngiyaneliswa, kodwa kusweleke ukuba abe lapha naye ngoba lowo oyodliwa yileyo nkatha kusweleke aziwe ahlonishwe nayilowo en-dahlile."
"Ungazihluphi ngalokho, Mlilangana.  Oyophumelela, wobusa; owahlulekile woqonda kwagoqanyawo.  Uyethuka, Mfflangana?  Ngiqonde lokho n-dna, owahlulwe yinkatha wosala."
"Kulungile; makeze lapha nodingane sizwe elakhe."
Athume uzungu futhi umkabayi ukuba ayobiza udingane.

INDIKIMBA IV

UDINGANE NOMHLANGANA

Uthe engena nje udingane kwaba sobala ukuthi kabafunard nokubhekana noMI-dangana.  Bajamelana ngamchlo amabi.
"Dingane, ubizwe yiini, ngoba umhlangana uthi nawe kusweleke ube khona lapha nxashana sihiela lendaba yokuqeda

lombango phakathi kwenu."

"Yini yona umhlangana angaze athi akabizelwe n-dna?     51

Washo ngelibi izwi udingane.
"Ngifana nawe, Dingane," kuphendula umhlangana, ethukuthela naye.  "Ngifana nawe.  Ungathi ngoba ubusa namuhla ucabange ukuthi wobusa nami.  Samgwaza sobabili ushaka."
"Thula, Mhlangana!  Ukhulumelani ngalowo osen@asekho?  Wazi ngani ongase amlandele?  " Kubuza umkabayi, ethukuthela evutha.

"Thulisa udingane kuqala.  Uyena oqala ngokungeyisa."

Abone umkabayi ukuthi uma engayiqedi lendaba zingahle zidumelane khona- lapho izinsizwa zomfowabo usenzangakhona.
Abeseqhubeka masinyanc@ ethi:
"Ngithi kuMMangana, kusasa kuzoqedwa lornbango pha-, kathi kwenu ngenkatha.  Ngithe onqobile ohluhwe kosweleka azi kahle ukuthi wahluliwe, angaphindi asuse uchuku ezweni."
UDingane amnyonkoloze ngamehlo uMMangana.
"Ngakho-ke ngomuso kusasa," kuqhuba umkabayi "nizotm lapho nibuya kogeza emfuleni njengen-dhla yonke, bese ngimema izwe ukuze ngirnkhethe ozolibusa, phambi kwalo,

libona lonke.  Ukuze kuphele uchuku nengozi engasivele, kusweleke niye emfuleni nezineeku zami kuphela, zisale ezenu

ekhaya.

12          UDINGANE KASENZANGAKHONA

LumpMnde futhi uvalo umhlangana, ngoba phela wayesezwile ngozungu ukuthi Iezo zinduna zikamkabayi, ondongeni nosiphepho nozidumo yibo akade belapho khona ngalobo busuku.  Kwaba sobala ukuthi zasezitshehwe konke lokho.

Abuze udingane, athi:

"Yini khona lokho ukuba sishiye izinduna zethu, sihambe nezakho?  " Amhlabe ngamehlo akhe amakhulu aimabi umkabayi, abesethi:

"Dingane, uma ungafuni, nawe Mhlangana uma ungafuni ukuba lendaba iphathwe ngeyarni intando, yishoni khona manje.  Ubani othi ngizode ngidlala ngabafana?  Khiphani izwi lokugcina."
Aphendule umhlangana athi:
"Nganelisiwe mina, Ndaba, uma nezikadingane zizosala, sihambe nezakho sobabili."
"Wena uqonde udingane kuphela kukho konke okukhulumayo," kusho udingane kumhlangana.

Ayichithe leyo umkabayi.

"Kulungde, ngomuso kusasa nizoqonda emfuleni, njengemihla yonke, nithi nibuya lapho bese niyovunula seniza ebandla, lapho kobe sekubuthene abantu abazobikelwa ngenkatha.  Phumani."
Baphume, bengabhekani.
Uthe udingane efika esigodlweni sakhe, kwakufika inceku kamkabayi, uzungu, ethi:

"Ndabezitha, uthe okandaba angikubikele ukuthi ungesabi."

"Uthini, Zungu?

"Uthe okandaba angokubikela ukuba ungesabi ingomuso."

"Hainba umtshene ukuthi ngithi kakukho engikwesabayo mina lapha ezweni."
"Ndabezitha!

"Umtshele futhi ukuthi ngithe lelizwe lizobuswa yindoda."

UDINGANE NOMHLANGANA                13

"Zulu!
Aphume uzungu.
Munye kuphela owasola sengathi kukhona okukhona phakathi kukamkabayi noDingane-uMhlangana: ngoba nalapho bek'huluma esigodlweni sikamkabayi udingane kwaba sengatffi ukwazi konke okwasekuqondwe ngumkabayi-nokho kaze azihlupha kakhulu ngalokho: naye wayengakulindele neze lokho ab@bekuqondile.

14         UDINGANE KASENZANGAKHONA








Owozalo, WakwaZulu, Ehlonipha UDingane.-Isithombe
SikaKhamungana.

INDIKIMBA V

UKUMISWA KUKADINGANE

Kuthe kusa ngangomuso abantu base bchlalele phezulu, kwazise ukuthi izwi laselihambe lonke izwe lokuthi kuzomiswa namuhla inkosi yakwazulu endaweni kashaka.  Athi amadodana kasenzangakhona eyogeza emfuleni, babe bebuthana ngezinqwaba abantu egcekeni elikhulu phambi kwesigodlo sikaMkabayi.
Amaqembu omabili alabo ayebonakala ezahlukanisile: abalandela udingane beziqoqele nganxanye-bejamelene kuphela, engekho okhulumayo.
Kuthe sebengangezibi abantu, sekukhona umoyana ovunguzayo phakathi kwabo wokunqakisana amazwi nokuchwepheshana, kwaqhamuka uzungu, inceku enkulu kamkabayi, yaqhamuka isho izibongo zakhe zonke.  Lapho kwathula kwathi du kubantu.  Yilowo nalowo wabuzwa ubukhulu, ubunziina, balolo lusuku.
. Uthe eq@da ukubonga uzungu wayengena umkabayj, evathe ephelele.  Wangena maqede kwaduma "ubayede" omkhulu, kwanyakaza umhlaba wonke.  Wathula nje, kazamamatheka nakumamatheka, waqonda esihwweni sakhe esasisenhla nendawo.  Uthe lapho ehlala pha.nsi, kwaduma efinye ihlombe.
Into eyaphawulwa ngabantu ukuthi izinduna zaklie zazingekho eduze, kuphela uzungu lowo.  Kepha bazibona izinduna zawodingane nomlilangana zimi emaqembini azo.
Omunye wabuza watffi, "Ziphi izinduna zikamkabayi nainuhla na?  "
"Kangazi nanii.  Kodwa ngizwa kuthiwa yizona eziphelezele abantwana ukuba @ayogeza."

16          UDINGANE KASENZANGAKHONA

"Mhlawumbe ubonile ukuthi uma behainba nezinduna zabo abantwana kungase kusuke isidumo emfuleni sezflwa?

"Yebo, kunjalo."

"Kepha wake wayibona inkatha enjena yilokhu wabakhona?  Yake yamiswa inkosi ngendlela enjena na?

"Nami ngiyaqala ukubona lokhu.  Izwe liphenduka silibhekile.  Ake uthule, nangu uzungu, sengathi uyakhuluma."

Balalela bonke abantu.

Wainemeza uzungu wathi, "Niyizwile into okajarna anibizele yona.  Kungoba namuhla kuzorniswa inkosi ezonibusa njalo.  Ubonile okajama ukuthi kuswelekile ukuba kumiswe ozonibusa, ozokwanelisa izwe lonke.  Ngakho uqonde ukuba amiswe ngenkatha ezokwenziwa phambi kwezwe lonke ukuze uphele umbango Iona osubulele izwe likandaba!
"Bayede!

"Oyovunywa inkatha narnuffia nguyena ozobusa.  Nguyena ozolalelwa yini nonke.  Abayobanga lapho, bobulawa."
"Bayede!

"Niyakuvuma konke lokho?
"Elethu!  "

"Ayeza amadodana kasenzangakhona manj6. llanga lizokhanya kulowo ovunywe inkatha."
"Bayede!

"Woza-ke, Zizwezimbi, uchele igeeke ngekhambi, abantwana benkosi beme endaweni ebiyelweyo."

Uthe eligwinya kwakuvela isanusi, esesashwabana ubuso baphela nya, siyekethise izinwele ekhanda, entanyeni sithandeIezele amathambo nezimpondo ezigcwele amafutha ezilwane zonke.

Sithe ukuba sikhuleke kumkabayi sageagcaza egcekeni, sikhwifa, sishaya phansi ngeshoba, sigxuma sizilahla phansi, sengathi sibulewe.  Sisuke lapho sikhiphe uphondo olude,

UKUMISWA KUKADINGANE                           17








Ukumiswa KukaDingane.


silumeke phansi emhlabathini sengathi silumeka umuntu, sikhafula sengathi sikhafula igazi.

Bese sikhuleka futhi kumkabayi, sesihlala phansi phambi kwakhe kuyo leyondawo ekade silumeka kuyo.
"Uqedile, Zizwezimbi?  " kubuza uzungu.

"Ngiqedephi, Zungu?  " sisho ngezwi ehneane, elibi.  "Ngiqedephi ngingamboni nje omunye kasenzangakhona na?

Asukume eme ngezinyawo umkabayi.  Lapho abantu bashaywe uvalo.

"Utffini, Zimbi?  " kubuza umkabayi.  "Ubani ongamboni
kasenzangakhona?

Sithule isanusi.  Sithe sisuka lapho, sasizflahla phansi, sikhihliza amagwebu ngomlomo.

"Musani bo," simemeza sengathi ukhona esikhuluma naye.  "Musani bo!  Niinbulalelani okasenzangakhona?  Kahleni Zidumo, nawe Ndongeni, nawe Siphepho.  Nenzani kowezulu na?  Lafa izwe eliffic!

18           UDINGANE KASENZANGAKHONA

Beme ngezinyawo manje abantu lapho, ainabutho ayibambisise i~onto.
"Nabulala ushaka; nabulala umbopha, senibuiala bani manje?  " Lapho sesimanzi -isanusi amehlo esemhlophe onke, un-domo usumhlophe amagwebu.
"Babuiala bani, Ziinbi?  Kubuza umkabayi, eshaywa uvalo.  "Yini?  Sitshele okubonayo!
"Useffle, Zulu."
Ubani osefile, siwula?
:,OkaSenzangakhona, bainbulele ogwini lomfula.  Inkatha idla oseleyo.  Beza naye."
Sithe siligwinya lelo sasishayeka phansi sikhihliza igazi
ngomlomo-safa.
Hewu, cishe sasuka isidumo, abantu sebeshaywe uvalo olubi.  Ukubhula okwakungalindelwe kukazizweziinbi kwabashayisa uvalo olukhulu, bakhohlwa ukuthi ubani obulawayo ogwini lomfula.  Nakhu naye ethi uyakhuluma beselahleka phansi efa.  Into engazange ibonwe leyo kwazulu.  Bathe nalapho bebheka ubuso bukamkabayi, bambona esegqunqe esemnyama enjengodengezi.  Amelilo kuphela ayevutha umffio.
Bathula bathi du.  Lapho waqala ukukhuluma umkabayi, wathi:
"Msuseni uzimbi, nin-dahle phandle, sibone izwi lakhe lapho liphela khona."
Zithe lapho izinsizwa zethwala isidumbu sesanusi, wayethi kuzungu makaphumele phandle abheke ukuthi kabezi labo abebeye emfuleni nodingane nomhlangana.  Uthe ephuma esangweni wayehlangana - nozidumo nondongeni nosiphepho bengena.  Uthe lapho ebabheka wezwa uvalo lumqeda.  Amehlo abo ayegcwele igazi.
Bathe lapho bekhuleka kumkabayi amehlo abantu ayenama-

thele kubo nezindlebe zivulekile, zfiinde ukucosha abazokusho. 11 Khulumani!  Yini?  Aphi ainakhosana kamfowethu obekutmwe walondeni lapho eyogeza?

UKUMISWA KUKADINGANE                         19

Aphendule undongeni, umfo omude olaphaya wakwazondi, athi "Mana njalo Ndlovukazi yesizwe.  Sivelelwe ishwa elibi
ezweni namul-da.  Sifile.  Sivelelwe yingozi embi."
Athule nje umkabayi; kukhulurne amehlo akhe kuphela.  Wona ayeselokoza umlilo, isifuba lesi sakhe selila senyuka,
kubonakala ukuthi uzibarnbile sekuthi makaqhume.
"0, wena wezulu, sesaba nokukhuluma," kuqhuba undongeni, ekhefuzela uvalo.  "Sifile Ndaba.  OweNkosi kasekho-uye koyisenikhulu-" (uflle).

Lapho abantu beme ngezinyawo bonke.  Amabutho nhlangothi zombili agxume kube sengathi azodumelana.
Besephonsekile eduze kwawo umkabayi, evutha ulaka.
"Ngobard labo abakhahlazisa izikhali ~i kwanii?

Ndaba! ngingafa khona manje."
Kuthule futhi kuthi du.
"Khulurna, Ndongeni, ungade ugwinya amathe sengathi

kawazi ukuthi uthini."
"Kasekho umhlangana, Ndaba."
"Kasekho?  Uyephi?
"Uminze emfuleni-wafela khona lapho."
Lapho abantu bakhohlwe yikho konke.  Beme ngezinyawo kusuke esikhulu isidumo.  Amabutho kamhiangana agxume abheke phezulu kuthi makazithathele kwakadingane.  Kuthe lapho esehlangana khona lapho, sekuzosuka jinpi enkulu gane ehlobe evathe ephelele. eyesabekayo, kwaqhamuka udin
Waqharnuka ehamba nezinduna zakhe zihlomile zonke.  Uthe ukuba angene egcekeni, amabutho eldukana phakathi, azilahla phansi izikhali zawo, kwaduma ihiornbe elikhulu.
"Bayede, Ndabezitha, uyizulu!
"Phansi!  "
Kuthule kuthi du.  NoMkabayi ahlale phansi, lapho sekunguye udingane ophethe izintambo.  Waqhweba uzwangedwa, induna yakhe enkulu cyabiphethe yonke in-dkhosi yakhe.  Yasondela, yayisikhuluma nabantu ezwini lakhe.



U-B

20         UDINGANE KASENZANGAKHONA

"Lalelani, Zulu, Ialelani bantwana besilo, okasenzangakhona kasekho.  UMhlangana kasenzangakhona uthathiwe.kuye. Kuthe lapho abantwana bengena ernfuleni ehiamba kwezwakala izwi elibuhlungu livela kuye-ongasekho limemeza, ethi 'Ngai-ninza, irnfowethu, nganiinza!  ' Bathe lapho beziphonsa phakathi esiziberii ondongeni nosiphepho nozidumo bamfica esepha-

ngalele okasenzangakhona."
Athule kancane uzwangedwa egwinya amathe.
Abantu sebethule bethe du, udingane nomkabayi bebheke

phansi engekho obheke omunye.
"Kuthe lapho besikhipha isidumbu sakhe emanzini, kwahlaluka ukutffi okasenzangakhona wabefmyele umsipha, wambamba ngamandla esemanzini ajulile, kazathola nathuba lokuphefuraula.
"Yabambi lendaba, yaba umhlola.  Kuthe lapho isidumbu besikhiphela phandle waquleka owenkosi," esho ebheka uDingane.
Onke amehlo abantu anainathela kudingane, bambona ubuso bakhe sebumanzi zinyembezi, ziwohloka emehlweni.

"Uvalo lwabashaya bonke," kuqhubeka uzwangedwa.

"Kuthe kunjalo wavuka esihlwathini owenkosi, wavuka ekhala izinyembezi, wathi mabamfihle khona lapho okayise.  Nabala basififfia isidumbu sakhe emhlangeni-ulele khona okasenzangakhona."
Athule.
Besesukuma umkabayi ephonsa elakhe kusenjalo abantu besadabukile, enzela ukuze bayaqala bayacabanga useliphonsile.
"Inkatha yamadlozi obaba idla udingane kalokhu.  Base-

phucile eyethu inkatha ngokugudluza uMI-dangana, embangweni.
Nithini, Zulu?

"Bayede, Ndabezitha!  " kuduma uzulu.
"Niyavuma nonke, Zulu, ukuba amiswe phambi kwenu abe yinkosi yenu?

21

UKUMISWA KUKADINGANE

"Bayede!  Siyavuma!  "
"Sukuma, Nkosi yesizwe, wena o"swe ngabangasekho ukuba ubuse elikasenzangakhona," esho eqondisa kudingane.
Asukume esemanzi ubuso njalo udingane.  Asukume kudume inkundia yonke.
"Bayede!  Ndabezitha!  UyiZulu!
Ahleke kancane udingane.
Kube ukulibusa kwakhe lokho elikayise.

IND-IKIMBA VI

KHONA EMHLANGENI

Ukuze kugqibeke ezweni ngaleyonkathi ukuthi umhlangana wabulawa ngezwi likamkabayi nodingane, babulawa ondongeni nosiphepho nozidumo.  Kwabikelwa izwe ukuthi behlulekile ukugcina owenkosi, ngoba wafela emehlweni abo, babanesibindi futhi sokubuya bazobika ihlazo labo.
Lavuma izwe lathi izinceku ezinganakekeli impilo yenkosi zifanele ukufa.
Kuthe ngabo lobo busuku umkabayi waya kudingane, ayemthanda kakhulu.  Wathi kuye:
"Ufe kanjani umhlangana?
"Sathi ukuba singene emanzini sobabili, basilandela ondongeni.  Baflka bamdumela bamcwilisa.  Wabe uyakhale, uyamemeza, bamcindezela phansi-waza waininza Wafa."
"Wafa kabi," kusho umkabayi ngezwi elincane.
:'Kabi kakhulu, sase simlahla enihlangeni womfula."
'Kwagcwaliseka igaina lakhe elithi Mhlangana, wolahlwa emhlangeni."
ElikaMkabayi lelo lokugcina.








22

INDIKIMBA VII

UKUBUSA KUKADINGANE

Emya kokuba esembuiele umfowabo umhlangana udingane wasebusa-ke kwelakwazulu.  Wabusa njengaye ushaka, kodwa engenabo ubuchopho nobuhlakani bukashaka.  Babecishe bafane naye ushaka ngezinhliziyo zabo ezilukhuni ngendlela ebabazekayo.
Naye udingane wabenalo unya olwaluvunguza enhhziyweni kashaka, kodwa engenabo ubukhulu benhhziyo kashaka; ubukhulu obabuvezwa ngamazwi akhe obuhlakani nahluzekile, nangezenzo zakhe ezithile ezinhle noma kambe zaziyingcosana kakhulu.  Mfflawumbe sizobuya sizilande Iezo zenzo zakhe.  Wathi ukuba asithathe isikhundla sobukhosi bakwazulu udingane waqala ukuqalaza ngapha nangaphaya.
Wasebulala bonke abafowabo nalezonceku ezabe zithandwa kakhulu ngushaka, ethi wenzela ukuzivikela phela ngoba nakhu ebulele ushaka efuna ukumephuca ubukhosi bakhe.  Ukuze sisibone kahle isinlilo esibi sikadingane ngizothatha izihloko nje ezigigabeni ezehlekayo ngenkathi esabusa.  Lezizihloko zizobuveza obala ubunyoka benhliziyo kadingane mhlawumbe zimeneke abemubi kakhulu kunomfowabo ushaka.  Kuthe esabuse isikhathi esinc@ane nje udingane kwaflka enhhziyweni yakhe ukuba akathumele izhiwoli zakhe othungulu ukuba keziyohlola ukuma kwezwe lelo ngoba efuna ukubulala abantu bakhe ababalekela esilungwini ngenkathi yeziinpi zikashaka.
Zaya izinhloli zakhe zafika zahfflola izwe lelo zabona linezinkomo eziningi kakhulu, nabantu behlezi kahle nje, bethokozile kakhulu.
Zabuya zaflka zambikela lokho udingane, zathi zibone

23

24          UDINGANE KASENZANGAKHONA

izinkomo eziningi, imihlambi nje isabalele emathaferd.  Wazifisa Iezonkomo udingane wazimisela ukuba azidle ngokuziqhwaga.  Nempela wayihlon-dsa impi yakhe wayiphakela othungulwini ngerinzila yonke iyofuna Iezonkomo.  Yalishaya yalibhuqa impi izwe, kodwa phinde izelamele izinkomo Iezo ezibikwe izinhloli zakhe.  Ithe ibuya lapho irnpi izilandula izinkomo udingane wathi mazibizwe Iezo zinhloli akakhulume nazo.
Bafika-ke onfflanganiso nomphezulu, izialoli phela ezabe zithenjiwe.  Wazibheka nje udingane, esethukuthele esethelwa ngamanzi.  Wasethi kuzo: "Ziphi izinkomo enizibonileyo nathi zigcwele emathafeni?  "
Balanda kahle oNWangariiso nomphezulu lapho bezibone khona izi@omo.  UDingane wathi, "Ngiphake impi yami ukuba iyokuzidla izinkomo Iezo enithi nizibonile, kodwa ayaze yazibona.  Amefflo enu lawa anjarii uma ebona okungabonwayo ngabanye abantu?  Nithi ninamehlo kahle nje?  Ake siwakhiphe mffiawumbe ningase nibone kahle engekho lana."
Nempela njalo wazitshela izinceku zakhe ukuba zibakhiphe amehlo bobabili ngoba bengabord lutho olubonwa ngabanye abantu.  Wasebabiza ethi amaphuphutheka ngoba kuthe sebekhishiwe amehlo bayiswa endle lapho bashiywa khona bephuphutheka baze badliwa yizilwane.
Uthe esuka lapho udingane wayesukelana nozihlandlo nomfowabo usambela, ainadodana kagcwabe kakhabazele kamavovo.  Lendaba ilandwa kahle ngumnumzane ufuze encwadini yakhe ebizwa ngokuthi "Abantu Abamnyaina Lapha Bavela Ngakhona." Utlii:
"Kukuso leso-ke isikhathi sokubulawa kukazihlandlo nomfowabo usambela amadodana. kagcwabe kakhabazele kamavovo.  Ababulawela lutho njalo; babulawela Iona lelo lokuthi bayizihlobo zikashaka.  Nansi indaba yamhla lokho.  Kwakukhona umfana ose ibhungwana owabe eyinceku kazihlandio.  Lowomfana wabengowakwangcobo, ibizo lakhe kunguma-

UKUBUSA KUKADINGANE                      25

(-,&








lzinecku Ezimbili Zikhishwa Amehlo.

gwaza, elinye uthuphana kamatomela kathokho kadileka kadindi.  Yena wabefike watholwa embo lapho kuchitheka izwe lakubo emvoti mffla umanjanja kaNFdambela ethunywa nguShaka ukuyohlasela kumatomela emvoti.  Okwathi ukuba iinpi ibulale uyisekazi umkhaliphi, wathi umatomela ongomkhulu wathi, kubantu bakhe, mabahambe balandele umahawule kanonyanda inkosi ngalapho' eqonde ngakhona (emanyiseni ngasothukela).  Bathi lapha abantu bakhe bethi mabahambe naye umatomela lowo, wanqaba wathi kakwazi ukudinga.  Mabahambe nje, bamlondolozele yena uthuphana lowo.  Kepha bamsffiya enxiweni lapho umatomela ezwa, engafile; wasala wadliwa yizilwane zasendle.  Kwathi-ke esendleleni umagwaza lowo weqa waphonseka ngaphesheya kothukela, wafika watholwa embo ngubhambada katshabase kakhabazele kamavovo, owamthatha wamyisa kuzihlandlo.  UZihlandlo wamenza waba yinceku yakhe yethunga.  Kuthe-ke ngolunye usuku, umagwaza ethunyiwe ukushona kwelanga, wahlangana nomunye umuntu endleleni, owamhlebela. ukuthi impi yakwazulu iyakuhlasela

26	UDINGANE KASENZANGAKHONA

embo- ngomuso, izobulala uzihlandlo.  Nembala umagwaza wafika wawaxoxa lawo kubhambada nasenkosini.  Pho! ngubani owabe engahle akholwe ukuthi impi yakwazulu ingahle ize kubulala uzihlandlo, umnawe kashaka na?  Kanti lelozwi elizwiwe rigumagwaza sekungelamaqiniso.  Sekulusuku lokubulawa kwakhe, ngoba eyisimobo sikashaka.  Ngokungah"olwa lelozwi inkosi yasembo, esebonile yena umagwaza ukuthi liqinisile, weqa phakathi kobusuku wabaleka; kwathi kusa umuzi wabe usukakwe yimpi kadingane ese izobulala isihlobo sikashaka.  Yambulala-ke uzifflandlo nosambela.  Yambulala-ke edirnane uzihlandlo; wathi usainbela yambulalela ekhwanini." (Pp. 1 1 4-5.)
(Ukuloba kukafuze kuguquiiwe, kwahanjiswa ngendlela yanainl-danje lapha.)
Ngayo yonke lenkathi udingane ukwenza nje lokhu usanda kubusa, usasukwe lulaka nje lokuzonda abantu ababethandwa ngumfowabo ushaka.

INDIKIMBA VIII
UHAMBO OLUDE
Masinyane emva kwaleso senzo udingane kahlalanga sikhathi eside engenzanga esinye futhi isenzo esibi.  Phela ngalesisikhathi base bebaningana abelungu kwazulu, ngoba ngonyaka ka-1835 kwaflka abafundisi abaziwayo kwazulu, bezoshumayela ivangeli.  Nanka arnagama abo: ugrout noAdams.  Umfundisi Grout Iona nguye okwaqanjwa ngaye umuzi wasemvoti othiwa kusegroutville.  UMfundisi Adams kwaqanjwa ngaye umuzi owaziwayo waseadams, osemanzimtoti, base benza-ke belinga ukutharnbisa izinhhziyo zabakwazulu.
Pliinde zithambe,, ngoba udingane uqobo lwakhe wayengafuni ukuzwa lutho nje ngevangeli lenkosi engabonwayo.  Umfundisi esizwa kuthiwa udingane wamvumela ukuba ahlale eduze naye afundise abantu bakhe, kuthiwa ngumfundisi Owen lowo.  Naye kaffialanga sikhathi eside kwazulu, ngoba kwathi esahlezi izinyanga. ezine kuphela udingane wasusa isidumo esikhulu kwazulu, okuze kube namuhla sisashaqisa izwe lonke.  Kwathi ukuba sisuke isidumo leso umfundisi Owen wabopha okungokwakhe wabamba indlela eqonde ethekwini, lapho waflka khona wadlulela phesheya engilande.
Sizoke siyizwe lento enkulu eyasusa uthuli olungako ezweni lakwazulu, @aphemba umlilo onikhulu ongacimiyo kuze kube nainuhla usazinge ulokoza.  Sizobuyela futhi ukuze siyizwe kahle lendaba, siyiqale ekuqaleni size sizofika lapho udingane asusa khona isenzo esashaqisa izwe lonke.
UDingane uyaluzisa izwe nje lapha enatali nakwazulu, nakhona lena ekoloni kwelwnaxhoza, amabhunu ayengahlali nempela inhialo enmandi.  Yiwona ayesho njalo, iningi labanye

27

28           UDINGANE KASENZANGAKHONA

abamhlophe Ialingabord lutho olungako olwalukhalisa amaBhunu, olungaze luwalumise izinyawo ababange ngokuhamba.  Phela kwase kubusa inkosikazi elungileyo phesheya ngalesikhathi, igama layo lingunkosikaii Victoria.  LeNkosikazi yasemangisini yayinenffliziyo ernfflophe impela, ithanda izinto ezilungileyo zodwa, ibusa ngesandla esilungfleyo, esinozwela, esikhuthazayo kuzo zonke izinfflangothi zezizwe ezingaphansi kwentende yombuso wayo; kakhulu ezizweni ezinmyama, nezibuthakathaka, yayifike igcizelele ekuthini bonke abaziphetheyo-isho ohulumeni phela ababengaphansi kombuso waseNgilandi-mabazikhuthaze ekuhlaleni kwazo, bazivulele izintuba zokuzakha, nazo zibengabantu abazihloniphayo nabazethembayo, ingafuni nempela ukuba kube khona umahluko ekubuswer,i kwabantu, kuthiwe laba banje ngakho kufanele baphathwe kanje.
Phela inkosikazi ibusa nje engilandi ibhekelwe amadoda ahlakaniphileyo kwamanye amazwe.  Lamadoda ayisandla sayo, njengoba nanamuhla inkosi ugeorge wesihlanu obusa engilandi ebanjelwe kulelizwe lasesouth Afrika ngulusibalukhulu.  ULusibalukhulu yisandla sikaking George kulelizwe.
Kuthe ngonyaka othile kwasuka uthuthuva olubi lwempi khona belu ekolord, amaxhoza elwa nabelungu.  AmaXhoza lawa aholwa ngamakhosi awo, umaqoma nohintsa.  Yalwa kakhulu lempi, kwafa abantu abaningi.  Oyena wayiqedayo owayephethe amabutho ainl-dophe ngusir Harry Sniith.  INtabazwe lena-Harrismith-yaqanjwa ngaye, kuhlonishwa yena.  Izwe ladhwa kumaxhoza, kwamiswa izimantshi, ukuba zffibuse, selahlukanisiwe.
ENgilandi kabasivumanga isenzo somnumzane omkhulu usir Benjainin D'Urban sokudla izwe labantu.  UMnumzane usir Benjamin D'Urban nguye abelungu abaqamba ngaye idolobha lasethekwini, behlonipha igama lakhe phela.  Kuthe kusenjalo kwafika izwi livela phesheya kuhulumeni lithi: "lzwe lelo

UHAMBO OLUDE                           29

elithunjwe nguhulumeni walelizwe kumaxhoza malibuyiselwe kuwona." Nempela izwe lelo labuyiselwa emaxhozeni.
Lokho kwabaphatha kabi kakhulu abelungu balelizwe, ikakhulu amabhunu, okuyiwona ayemaningi impela lapho.  FutM nje aphatheka kabi, ngoba leli lephucwa kuwo yiwo
amangisi	lawo.  Naso-ke isizathu sokuqala esabangela amabhunu

siwabone	esephungwa ngezithebe kwazulu,            ekhumbuza
udingane	izinkonjane ezabikwa ngushaka mhla efayo.  Sikhona
belu esinye futhi isizathu esikhulu kakhulu.  Kwathi ngonyaka ka-1833 kwaflka izwi livela phesheya elithi zonke izigqila azikhululwe abaninizo ziyekwe zifane nabantu bonke.  Lelozwi lavuma ukuthi njengoba izigqila Iezo bezibasiza abaninizo zibasebenzela yonke imisebenzi lena, bazobuyiselwa ukulahlekelwa kwabo izigqila ngohlamvana lwemali.

ce lelizwi ngan

Lathi ukuba li. eno amab a ii ru la,
akhohlwa nawukukhuluma.  Phela wona ayenazo izigqila ezimnyama, ziziningi impela, esetshenzelwa yizo; futhi nje wona ayenomqondo othi bonke abantu abamnyama badalelwa ukukhonza omldophe, abe yisigqila sakhe.  Nababusi bawo abakhulu ababebusa ngesikhathi amangisi engakanqobi izwe, babe nalowomqondo: umuntu onmyama yisichaka somhlophe, futhi basho baqinise ukuthi noma umuntu umphethe kabi, noma umenzani, kakusono leso, ngoba uyinto yonihiophe phela.
Cabanga ukuthi kubantu abanomqondo onjalo izwi elithi "Khululani izigqfia!  " Iezwakala kanjani ezindlebeni zabo. lzhffihziyo zagcwala zaphuphuma ukuthukuthela nokuzonda.  Aqala ukuhlanganisa amakhanda manje, efuna isu angalenza lokubalekela ubuhlungu obungako.  Kwafika umqondo othi ake nisuke lapha nihwnbe, mwawumbe ningase nithole enye ingosi engcono kunalena lapho ningahiala khona nabantwana benu ngokuthula nangoxolo, nisuke eduze namangisi.  Nempela lomqondo bavumelana bonke ngawo.  Futhi basebezwile ngezinliloli zabo ukuthi kukhona izwe lena eningizimu efigobhoza

30           UDINGANE KASENZANGAKHONA

ubisi liconsa uju lwezinyosi; kuthiwa lizihlalele nje, abantu abakhe kulo bayingcosana kakhulu, abamnyama, futhi kabakho abarnldophe abaningi.
Asuke-ke amabhunu ngonyaka ka-1836, eqonde eningizimu.  Ayeholwa ngumnumzane upieter Retief.  Ayekhona futhi amanye ainabhunu ayaziwa lapho, kodwa sizophawula libe linye kuphela, umnumzane Gert Maritz.  Siphawula yena ngoba yena nomnumzane Pieter Retief idolobha elikhulu lasemgungundlovu laqanjwa ngabo.  Phela igama lawo lithi Pieter-Maritz-Burg, lokho-ke kusho ukuthi idolobha lika-Pieter nomaritz.
Bahamba-ke bedabula Iezonkalo nen-dmango, nezintaba ezesabekayo, baze bafika lapha eningizimu nezwe.  Yonke indlela lena bahamba belwa izimpi ezingaphehyo nezizwe zabantu ezasakazeka nezwe lonke belwa nezilwanyazana zasendle, belwa nezifo nendlala.  Kodwa baqulusela phambili kunokuba babuyele emuva ekuphathweni umbuso wamangisi.  Kuthe sebekude-buduze nezwe lasenatali, sebeyinjelwe ukhahlamba kuphela, umnumzane upieter Retief nedlanzana labanye nezinqola zabo, balandulela iqembu elikhulu, baze batheleka lapha enatali ngonyaka ka-1837.  Bayalandela belu abanye nezinqola, nezinkomo, nakho konke.  Uthe ukuba afike enataii wenza onke amalungiselelo okuba abonane nenkosi udingane.  Kutbiwa balobelana izincwadi.  Ngiyabona udingane wayefundelwa ahunyushelwe ezakhe.  Ngalesi sikhathi iqembu elikhulu lamabhunu, elalflandela, laflka nalo lan-dsa otende bezindlu eduze nomfula uthukela, abanye njalo benyukela enhla bayokwakha enhla nomnainbithi.  Ithafa lagcwala izinqola zamabhunu.  Wasuka-ke umnumzane upieter Retief nabathile (abangaflkfie emashun-dni amabfii), behamba nengisi elalizobahumushela, baqonda khona emgungundlovu emzini omkhulu kadingane.


